UMbalula uphika eyokusebenzisa ulimi oluqojeme

2017-10-06 19:30

Cape Town - UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula usethole ukugxekwa ngokusebenzisa ulimi oluqojeme kanye nokuphawula okubonakala kupehla udlambedlu.

Nokho, lo ngqongqoshe uzivikele wathi abantu bayihlanekezelile inkulumo yakhe.

UMbalula uthole ukugxekwa ngendlela akhuluma ngayo uma echaza ukuthi amaphoyisa kumele abhekane kanjani nezigebengu.

UMbalula ngesonto eledlule watshela amaphoyisa eTactical Response Team ukuba "apitshize amabhola (okwazwakala sengathi wayeqonde amankwahla)" enze izigebengu ziphuze umchamo wazo.

OLUNYE UDABA: Abesifazane kumele bawashiye amasoka anesibhaxu - Mbalula

Kepha iSouth African Police Union (Sapu) ifuna ungqongqoshe atshengise ukuzithiba uma ekhuluma, aphinde acwecwe namagama akhe ngoba ukwenza kwakhe kutshengisa ukungawuhloniphi umphakathi kanye nehhovisi lakhe.

UMbalula uthe yena akwenzile ukutshela amaphoyisa ukuthi abhekane kanjani nezigilamkhuba.

"Angizange ngikhulume ngamankwahla mina, ngikhulume ngamabhola ngithi kumele apitshizwe aze aphume umoya. Bengisebenzisa izisho nezaga ngesikhathi ngikhuluma, ebengikusho bekunomqondo ocashile," kusho uMbalula.

Uthi akazange asho ukuthi akubulawe abantu, kepha uthe impilo ayenziwe ibe nzima kulabo abazibandakanya ezenzweni zobugebengu.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...