UMbalula ugxeke ukushiswa kwemizi yabantu 'kukhucululwa ubugebengu'

2018-01-12 11:11

Rustenburg – UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula ugxeke izigameko ezimbi ezenzeke eRustenburg, lapho kucekelwe khona phansi imizi eyisithupha kuleli sonto.

Amaphoyisa kanye nabamatekisi babenomhlangano ngoLwesine, ngemuva kokuqubuka kodlame, lapho kucekelwe khona phansi imizi okuhlala kuyona iningi labokufika.

Abamatekisi sebethembise ngokusebenzisana namaphoyisa ukulwisana nenkinga yezidakamizwa endaweni.

NgoLwesithathu, izindlu eziyisithupha okusolwa ukuthi kugilwa kuyona imikhuba, ishiswe ngomlilo.

OLUNYE UDABA: Bathabile Dlamini ehla esikhundleni, usugugile, kusho owe-ANCYL

Laba abenze lokhu kuthiwa bebeholwa abamatekisi abathi sebekhathele ukuba yizisulu zobugebengu.

UMbalula uthe abantu kumele basebenzisane namaphoyisa.

Uthe noma ngabe abantu babona kunesidingo esingakanani, ukuzibambela umthetho ngezandla akubenzi ngcono kunalo abasolwa ngokuba yizigebengu.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...