UMathunjwa uzifanise nezenzeka ehostela laseMlazi izigameko zaseMarikana

2017-10-20 12:30

Johannesburg – UMengameli we-Association of Mineworkers and Construction Union (AMCU) uJoseph Mathunjwa ufanise ukubulawa kwabantu okwenzeka eMarikana, eNorth West, nalokho okwenzeka ehostela laseMlazi iGlebelands, KwaZulu-Natal.

"Okwenzeka embonini ye-platinum akwehlukile nokubulawa kwabantu ‘ngokukhululeka’ okwenzeka ehostela iGlebelands eThekwini, ababulali bamakhansela e-ANC nezinye izishoshovu KwaZulu-Natal nasenyakatho Pondoland," ngokusho kwesitatimende esithunyelwe ngoLwesine.

UMathunjwa ugxeke abezindaba abathi i-AMCU iyathinteka ekubulaweni kwabantu.

Okwamanje, babalelwa kwabayisithupha abavukuzi asebebulewe ngabantu abangaziwa kule ndawo esikhathini esiyizinyanga ezintathu.

OLUNYE UDABA: Akukho engingakwenza uma uZuma engixosha - Ramaphosa

Inyunyana icele kube nokuthula ekholelwa ukuthi kwashabalala ngesibhicongo sango-2012 eMarikana.

UMathunjwa uzigxekile izigameko zokubulalana zakamuva, wathi inyunyana ayazi ukuthi ubani ogquqguzela lokhu.

Uthe amaphoyisa abophe abasolwa abathathu ngoLwesithathu okukholakala ukuthi bayathinteka kulezi zigameko, kodwa i-AMCU ayithukile ngokubambezeleka kokuboshwa kwabasolwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...