UMathews Phosa uyamanisa oshayasibhamu ababonakala kwi-video noDavid Mabuza - Umbiko

2017-12-06 12:30

Cape Town - UDavid Mabuza, othwelwe ngeqoma ekutheni athathe esikasekela mengameli, usolwa ngokusebenzisa "umbutho wezempi wangasese" ukusabisa amalungu e-ANC.

Lezi zinsolo zenziwe yilowo ogaqele esokwengamela uKhongolose uMathews Phosa kulandela ukuvela kwe-video yabantu okusolakala ukuthi bangamalungu e-ANC bedubula emoyeni, besesixukwini esibandakanya nezingane.

La malungu kusolakala ukuthi ayesabisa amalungu e-ANC, ayengahambisani nomkhankaso kaMabuza "wobumbano", ngokusho kombiko okhethekile we-eNCA.

UPhosa uthe la madoda abonakala kule video angamalungu e-ANC, wananela ngokuthi ayingxenye "yombutho wangasese" kaMabuza, onguNdunankulu waseMpumalanga.

OLUNYE UDABA: I-Cope ikugxekile ukufakwa kuka-Dlamini-Zuma njengelungu lePhalamende

"Le video ithathwe ngemuva kwemihlangano yamagatsha ebibanjiwe kamuva," kusho uPhosa etshela lo msakazeli."La malungu asetshenziselwa ukusabisa abantu."

Umgqugquzeli womkhankaso kaPhosa, uRonnie Malomane, utshele iNews24 ukuthi la bantu ababonakala kule video bebesetshenziselwa ukusabisa abantu kuma-BGM.

"Bebefika bezosabisa abantu. Uma bebona ukuthi uphuma eceleni, bebekubamba ngamawashingi bakukhiphele ngaphandle. Yibo la bantu abasetshenziselwa ukukhwabanisa uhlelo nokushaya abantu."

I-ANC eMpumalanga ithi imangele ngalezi zinsolo ezenziwe nguPhosa.




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...