UMasipala uxolisa ngodaba lukadoti eMlazi

2017-10-07 15:25

Durban - Izakhamuzi zaseMlazi esigcemeni sakwa-M nesakwa-R eMlazi zizokwaziswa ngokuqoqwa kwemfucuza, idolobha liphezu kokuthola isixazululo sale nkinga, lokhu kushiwo ngokhulumela uMasipala weTheku uTozi Mthethwa.

UMthethwa ukusho lokhu ngesikhathi ebuzwa ngabe-EyethuKZN mayelana nale nkinga ebhekene nalo mphakathi, eqale ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe amaloli enkampani eqoqa udoti

Ikhansela likawadi 82 u-amon Dladla utshele abezindaba ukuthi udoti bekulindeleke ukuba ulandwe izolo (ngoLwesihlanu).

UDladla uthe akayazi imbangela yokungathuthwa kukadoti kodwa akwaziyo ukuthi bekufanele ulandwe ezindaweni eziningi izolo.

UMasipala ucela ukuba amalungu omphakathi waseMlazi uwugcine emagcekeni udoti kuze kube wukuthi uyalwandwa ngenhloso yokugwema ukungcolo nokusaphaka kwawo.

SinguMasipala siyaxolisa kwizakhamuzi zaseMlazi ngokungathuthwa kwadoti ngenxa yesiteleka kule ndawo, kusho uMthethwa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...