Umashonisa usefuna owesimame amkhokhele ngocansi

2017-11-22 12:30

Johannesburg - Owesimame oneminyaka engu-30 ubudala waseMotherwell, ePort Elizabeth waboleka imali engango-R500 kumashonisa odume ngelikaMalume ngoMashi nonyaka.

"Umyeni wami wangilahla ngoDisemba, ngathutha nezingane zami ezimbili sisuka eHumansdorp siza ePort Elizabeth ngemuva kokuthi ngithole umsebenzi wasemakhishini," kusho lo wesimame etshela abeDaily Sun.

Uthi wayengenayo imali eyanele yokuthutha wabe eseboleka imali kumashonisa ngesivumelwano sokuthi uzoyikhokha isinenzalo ka-50% ngaphezulu ekupheleni kwenyanga kaMashi.

OLUNYE UDABA:Uzibulele owaseThekwini obexakwe yizikweletu

Lo wesimame uthi umashonisa wanyamalala izinyanga ezimbili wabuya esethi ufuna u-R1 500. "Ngamkhokhela u-R 1000 nokuyimali enganginayo ngalesi sikhathi."

"Ngangicabanga ukuthi sengiqedile ukumkhokhela isikweletu sakhe kodwa ngomhlaka-3 Novemba wangitshela ukuthi ngimukweleta u-R2 000. Ngamtshela ukuthi anginayo leyo mali wangitshela ukuthi kuzomele ngilale naye ukuze ngicime isikweletu. Usefika nsukuzonke ezofuna ucansi," kusho yena.

Abe-Daily Sun bazamile ukuxhumana noMalume kodwa akafunanga ukuphawula ngalolu daba. Uthi leli yibhizinisi lakhe futhi akekho ozomtshela ukuthi enzeni ngoba akaphoqi muntu ukuba aboleke imali kuyena.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre Beetge uthe: “Leli yicala lokuhlukumeza ngokocansi kodwa futhi lo wesimame kumele avule icala." 



- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...