UMaNtuli-Zuma uselindele isiphetho ngolwezinsolo zokudlisa uZuma ushevu

2017-08-17 18:28

Cape Town – Unkosikazi kaMengameli Jacob Zuma, uNompumelelo Ntuli-Zuma, okunamanje ungumsolwa ecaleni elimayelana nezinsolo zetulo lokudlisa umyeni wakhe ushevu, ufuna ukuthi lolu daba luphothulwe.

"Uma kukhona okuphathekayo kuleli cala, kulungile, kumele bambeke icala,” kusho ummeli wakhe u-Ulrich Roux etshela iNews24 ngoLwesine.

"Umile kwelokuthi akabandakanyeki kuleli tulo lokuzama ukucoboshisa noma ukubulala umengameli.”

OKlebe baqinisekisile ngoLwesine ukuthi sebeluphothulile uphenyo mayelana nalolu daba kanti manje sebelungisa idokodo.

Okhulumela lolu phiko oluphenya amacala abucayi, uBrigadier Hangwani Mulaudzi, uthe okwamanje basabhekene nokuthile okuphakanyiswe yiNational Prosecuting Authority (NPA).

OLUNYE UDABA: Unkosikazi kaZuma 'waxoshwa' ngungqongqoshe eNkandla – Ummeli

"Kumele kuqale kuphothulwe khona kuqala, nokho ngeke kuthathe isikhathi, bese idokodo liphindela ku-NPA bese kuba yiyo ethatha isinqumo ngecala.”

Okhulumela i-NPA uLuvuyo Mfaku uthe bathole idokodo kuqala base belidlulisela kulowo oyibamba lenhloko yophiko olusebenza ngamacala abucayi, uDkt Torie Pretorius.

Kusukela kwavela lezi sinsolo, uMaNtuli, akasahlali eNkandla njengoba akhishwa khona ngoJanuwari 2015 ngokomyalelo kaNgqongqoshe wezokuPhepha uDavid Mahlobo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...