UMantashe uthi akaze axolise kuZuma

2017-04-26 12:30

Johannesburg - UMengameli ufake amaphepha enkantolo athi uNobhala Jikelele we-ANC waxolisa ngokumgxeka kwakhe esidlangalaleni ngokwenza izinguquko kwiKhabhinethi.

UNobhala Jikelele we-African National Congress uGwede Mantashe uyakuphika ukuthi waxolisa kuMengameli Zuma ngemuva kokuba emgxeke esidlangalaleni ngokwenza izinguquko kwiKhabhinethi lakhe ngenyanga edlule.

Ngemuva kokwenziwa kwezinguquko, uMantashe watshela uXolani Gwala engxoxweni ababenayo ukuthi yena akazi lutho ngohlu loNgqongqoshe abaqokwa ngalobo busuku.

Empelani, ngokusho kukaMantashe, uhlu lwahlanganiswa kwenye indawo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ocishe wabulala abephuza naye ngembazo

Kulandela ukugxeka kwakhe uZuma, kwaqubuka imibiko ethi uMantashe noCyril Ramaphosa baphoqwa ukuba baxolise, yingakho uMantashe ezwakala ngokuhamba kwesikhathi esethi ubafisela inhlanhla ongqongqoshe abasha.

Kuthiwa uMengameli watshela inkantolo ukuthi uMantashe noRamaphosa baxolisa.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesibili iDA ifake amaphepha eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng ifuna iphoqe uZuma ukuthi abeke izizathu ezenza wenza izinguquko kwiKhabhinethi lakhe, waxosha uPravin Gordhan noMcebisi Jonas.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...