UMantashe unelungelo lokuzwakalisa ukweseka uRamaphosa - Mthembu

2017-09-26 14:01

Cape Town – USotshwebhu we-African National Congress uJackson Mthembu uvikele uNobhala Jikelele uGwede Mantashe ngokumemezela igama lomuntu afisa abengumengameli olandelayo we-ANC.

UMantashe ubethe uma uMengameli Zuma engadluliseli izintambo kuCyril Ramaphosa, kuzoba nezinxushunxushu, futhi kuningi ‘okuzokonakala’.

Uphinde wathi, "Uma sikhetha u-#Ramaphosa kwesikaMengameli, kumele sibenePhini likaMengameli elingowesifazane. Ngalokho ngeke kubenazihibe. Yileso iseluleko sami, #HeritageDay."

Uthe i-ANC ayisoze yakhetha uMengameli wesifazane, kunalokho kumele kukhethwe umengameli we-ANC ongowesilisa noma owesifazane.

Inkulumo kaMantashe ithole ukugxekwa ngabanye kwi-ANC.

OLUNYE UDABA: Sikhale ngeholo elincane iSilo - Umbiko

USihlalo wenhlangano ebusayo eKZN, uSihle Zikalala, uthe isikhundla sikaMantashe asifuni umuntu ‘ochemile’.

UMthembu, owaziwa njengomuntu oweseka uRamaphosa kwesikamengameli, umvikelile uMantashe ngoLwesibili.

UMthembu kuTwitter uthe, uGwede Mantashe, onguNobhala we-ANC, uyafana namanye amalungu e-ANC, unelungelo lokusho umuntu angathanda abengumengameli olandelayo we-ANC.

UMantashe uziphendulele naye ngokuthi uma uMengameli Zuma akwazi ukusho afuna angene esikhundleni sakhe, naye unelungelo lokubeka owakhe umbono.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...