UMantashe ugxeke i-ANCWL

2017-01-09 07:59

Pretoria – Unobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe  usegxeke izinhlaka zeqembu eseziphakamise ezifuna bahole iqembu uma sekuphuma umengameli Jacob Zuma.

Lokhu kungemuva kokuba i-ANC Women's League ikubeke esidlangalaleni ukuthi ifuna ongusihlalo we-AU uNkosazana Dlamini-Zuma athathe lesi sikhundla.

UMantashe uthe lesi senzo sikhombisa ukungavuthwa ngokwanele.

OLUNYE UDABA: Kushone umama kwasinda izingane kweyomgwaqo

Uphiko lwabesifazane luthi uDlamini-Zuma ukhombisile ukuthi unawo amava okuba ngumholi.

Ngonyaka odlule iCosatu yaphakamisa iPhini likaMengameli uCyril  Ramaphosa ukuba kube nguyena ozohola iqembu.

UMantashe uthi lezi zenzo ziphambene nenqubo yembu.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...