UManana uhlawuliswe u-R100 000 noma abhadle ejele

2017-11-13 16:02

Johannesburg - INkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoMsombuluko iyalele lowo owayeyiSekela likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uMduduzi Manana ukuba akhokhe u-R100 000 noma abhadle ejele izinyanga ezingu-12.

UManana uphinde wayalelwa ukuba enze umsebenzi wokwelekelela umphakathi wamahora angu-500 aphinde ahlunyeleliswe nesimilo.

Ngomhlaka-13 Septhemba, uManana walahlwa ngamacala amathathu okushaya ngenhloso yokulimaza ngemuva kokuwavuma enkantolo.

La macala amayelana nokushaywa kwabesifazane abathathu endaweni yobumnandi eCubana, eFourways, ngomhlaka-6 Agasti okuyisigameko esaqoshwa i-video yase isabalala ezinkundleni zokuxhumana.

OLUNYE UDABA: Ngifuna kwenzeke ubulungiswa - Manana

UManana, echazela inkantolo, wathi omunye walaba besifazane, uNoluthando Mahlaba, wafika etafuleni labo wathi: "Ucabanga ukuthi ungubani? Lesi sitabane."

Uthi kulandela la mazwi kaMahlaba, wabe esembeka isandla uMahlaba ngokumshaya ngempama ebusweni nasemhlane. UManana uthi waphinde wamdonsa ngezinwele, wamwisela phansi, wamkhahlela waphinde wamfaka izibhakela.

Uthi kwabe sekusuka impi, kwaphetha ngokuthi aphinde ashaye abanye abantu besifazane ababili - okungoMonoisa Duma noThina Mopipa.

Kulandela lesi sigameko, uManana wesula emsebenzini kulandela imvunge.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...