UMam'Lillian Dube uthi ubengakholwa ebikelwa ngokudlula kwe'Mbungulu'

2017-03-19 18:29

Johannebsurg - Izwe lonke lidabukile ngokudlula kwenkakha yokulingisa uJoe Mafela obedume kakhulu ngelikaSdumo.

Lesi sihlabani sidlule emhlabeni ngoMgqibelo ebusuku, engozini yemoto eGoli.

Enye inkakha yezokulingisa uLillian Dube ayizange ikholwe ngesikhathi yaziswa ngokudlula kwalesi sihlabani emhlabeni.

"Ngigcina ukumbona ngoMgqibelo ubengumuntu ojabulile, engitshela ukuthi uzozikhipha nonkosikazi wakhe," kusho uDube.

"Ngineminyaka ngimazi uJoe, ubengumuntu onothando nomusa. Ngibuhlungu kakhulu," usho njalo.

"Ngiqala ukusebenza noJoe ngangimazi ngembungulu kaSis'May kumdlalo wakumabonakude 'Sgudi 'Snaysi. Ngaqala ukusebenza naye kuKhululeka ngesikhathi silungiselela ukhetho ngidlala indawo kadadewabo.

"Ngamthola ewumuntu onesihle, onesihe futhi okhuthazanayo."

UDube uthe ubengakholwa ngesikhathi etshelwa ngezindaba zokudlula engozini zikaMafela.

IVIDEO: 

 - eNCA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...