Umama wengane kaMandla akavumelekile emngcwabeni - Umthombo

2017-05-19 14:03

Johannesburg - Kubikwa ukuthi owesifazane ongumama wengane kasaziwayo, uMandla Hlatshwayo, obulawe ngeSonto esigamekweni sokuphanga, akavumelekile ukuzongcwaba lesi sihlabani.

Ngokomthombo, uKombi Ngubane, akavumelekile ukufihla ababa wengane yakhe.

Kuthiwa uyalelwe ukuba angalinge asondele kubo kamufi emngcwabeni kusasa ngoMgqibelo.

Ngokusho komthombo, uKombi akavumelekile ngisho ukusondela nje emzini wakwaHlatshwayo.

Kuthiwa lokho akwehlanga kahle kuKombi futhi kumshiye edidekile ngoba lolu daba luthinta nengane phakathi.

“UMandla noKombi bebethandana kakhulu futhi besekuphele iminyaka emihlanu bendawonye. Wayesekhokhe ngisho amalobolo, ushone behlela ukwenzela indodana yabo umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa njengoba izobe ihlanganisa iminyaka emibili ngenyanga ezayo.”

OLUNYE UDABA: Angisabethembi abelungu - Awafelwa yindodana

Umthombo uthi lezi zindadani zaxabana ngoMashi, kodwa nakuba basezingasavamile ukubonana, uMandla wayexhumana naye umama wengane ngocingo.

“Wagcina ukukhuluma noMandla ngeSonto ekuseni ngesikhathi emfisela usuku oluhle ngeMothers' Day. Wayengazi ukuthi usekhuluma naye okokugcina.” 

Umthombo uthi uKombi wafonelwa ngumfowabo kaHlatshwayo emazisa ngokushona kukamfowabo kodwa wabe esekucacisa ukuthi akamukelekile emzini wakubo.

Iphephendaba iDaily Sun likhulume nomfowabo kaHlatshwayo, uLucky Hlatshwayo, othe umndeni wakubo awukaze uthi akamukelekile uKombi.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...