Umama wengane eyashonela esontweni ufuna ingane ingcwatshwe uhulumeni

2018-01-04 11:00

Johannesburg - Umama wengane eneminyaka emithathu ubudala eyashonela esontweni lamfundisi Paseka "Mboro" Motsoeneng ufuna kube uhulumeni okhokhela izindleko zomngcwabo.

UNontombi Gwam wacela umfundisi ukuba alaphe ingane yakhe eyayigula ngesikhathi kuqhubeka inkonzo eKatlehong ngosuku olandulela uKhisimusi.

Abosizo lokuala babizelwa endaweni yesigameko ngesikhathi kubonakala ukuthi isimo sengane siya ngokuba simbi.

OLUNYE UDABA: Ubabele emaphoyiseni umfundisi wodumo owebelwe izimoto

UGwam noMotsoeneng uthe abosizo lokuqala banqaba ukuhlenga impilo yengane, kanti nabosizo lokuqala basola umfundisi nebandla ngokubashaya.

Abosizo lokuqala i-Ekurhuleni EMS baphinde baphika izinsolo zokunqaba ukusiza ingane.

Inkonzo yesikhumbuzo sengane izobanjwa ngoLwesine kanti umngcwabo izoba ngoMgqibelo.

"Kusafanele ngihambise umndeni e-Eastern Cape. Ngiyacela kuhulumeni, wendawo, wesifundazwe nokazwelonke, ukuba baqiniseke ukuthi ingane ibekwa endaweni yayo yokugcina, ngicela neMeya ingisize," kuqhuba uGwam.


 - eNCA

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...