Umama usola isikole ngokudembesela kulandela ukulimala kwengane

2017-03-14 19:31

Cape Town - Ilahlekelwe yingxenye yomunwe ingane yentombazane eneminyaka engu-6 ubudala endlini encane esikoleni ngemuva kokuba omunye umfundi ebhaklaze isicabha yase iyaciphizeka.

UZeah Dirks owenza uGrade 1 eBokmakierie Primary, eduzane nase-Athlone, ulimale ngoLwesithathu olwedlule.

Umama wentombazanyana uLouise Dirks, 37, uthi yize ebeshaqekile ukubona ingane yakhe ilimele ngale ndlela, uthe akayibeki cala ingane elimaze indodakazi yakhe njengoba nayo ineminyaka engu-6 ubudala.

OLUNYE UDABA: Uzishumpule umunwe ebongela abathole ibheyili

Kunalokho akajabulile ngendlela isikole esiluphathe ngayo udaba.

Le ntombazanyana itshele iDaily Voice ukuthi isigameko senzeka ngesikhathi izama ukucosha imali eyayiwe phansi.

"Sasisendlini encane ngesikhathi ngigoba ngicosha imali, kwakhona ovala isicabha sase singiciphiza umunwe.

"Angizange ngisheshe ngikhale, ngaze ngakhala ngesikhathi sengibona igazi."

Ingane eyalimaza enye itshele leli phephandaba ukuthi okwenzeka kwaba yiphutha.

Kodwa umama wentombazane ukholwa ukuthi umunwe wendodakazi yakhe ngabe usindile ukube isikole silandele inqubo efanele.

"Isigameko senzeka ngezithuba zabo-09:00 ekuseni, uthishanhloko akazange angishayele ucingo," kusho lo mama.

"Bacela ukuba ingane ikhashwe yisihlobo iyiswe esibhedlela sendawo. Yagcina idluliselwe esibhedlela sezingane iRed Cross kwathiwa kudingeka ingxenye yomunwe olimele.

"Umunwe ngawulanda esikoleni ngosuku olulandelayo."

Umama wengane uthe ngeke alivule icasla kodwa ucela ukuba izingane zombili zelulekwe ngokomqondo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Broken clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...