Umama unikeze izingane zakhe oshokoledi abanoshevu

2018-03-17 12:36

Rustenburg – Owesimame kanye nezingane zakhe ezimbili bashonile ngemuva kokudla ushevu.

Lokhu kwenzeke eTshing ngaseVentersdorp, kusho abophiko lwe-African National Congress (ANC) eNorth West ngoLwesine.

OyiBamba likaNobhala wesifundazwe uSussana Dantjie uthe kukholakala ukuthi ngomhlaka 10 kwephezulu lo mama onezingane ezintathu ezineminyaka engu-9, 5 kanye nezinyanga ezingu-9 ubudala badle ushokoledi othakwe ngoshevu phezulu.

Lo mama unikeze lezi zingane ushokoledi ukuba zidle zase zehlisa ngojusi.

OLUNYE UDABA:Ishonile ingane,2, ngemuva kokuphuza ushevu

Kuthiwa lo mama usuke lapho wase edla ushevu naye.

Yena nezingane zakhe baphuthunyiswe emtholampilo oseduze ukuze bathole ukwelashwa, kodwa badluliselwa esibhedlela iChris Hani Baragwanath.

UDantjie uthi lezi zingane ezimbili ezincane zishone zifika esibhedlela kanti umama wazo yena ushone ngoMsombuluko ekuseni.

“Indodana yakhe endala isesimweni esibucayi esibhedlela.

Amaphoyisa aseNorth West awatholakalanga ukuphawula ngalolu daba, kubika i-African News Agency/ANA.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C a few tstorms. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...