Umama ubulale umsolwa odlwengule indodakazi yakhe, emthola esasendlini

2017-12-27 16:00

Eastern Cape - Iphoyisa, osolwa ngokudlwengula kanye nezelamani bayingxenye yabantu ababulawe ngale mpelasonto kaKhisimusi.

Esigamekweni sokuqala, kubulewe owesilisa, 32, ogwazwe wumama wengane yentombazane okusulakala ukuthi uyidlwengulile.

Lokhu kwenzeke endaweni yaseGwadalala eMaXesibeni (eyayaziwa ngeMount Ayliff) ngoKhisimusi.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Edith Mjoko uthe umama wale ngane ubeshiye ingane yakhe nenye ekhaya lakhe eyophuza ethaveni eseduze.

"Esebuya nabanye abantu, ingane imtshele ukuthi idlwenguliwe,"kusho uMjoko.

OLUNYE UDABA:Umama usolwa ngokuqoba indodakazi

Kuthiwa lokhu kwenzeka nje umsolwa usacashe lapha endlingi ngaphansi kombhede. Kube nokuhilizisana phakathi kwalo mama nomsolwa wase egwazeka lapho.

Lo mama uzovela phambi kweMantshi yaseMount Ayliff.

Kwesinye isigameko, kubulawe iphoyisa eliyovolontiya ngesikhathi lisendleleni ebuya ekhata kuTsolo lisuka eGauteng.

Leli phoyisa ligwazwe buqamama nekhaya lakubo.

Kubulawe nezelamani ezimbili endaweni yazeMbizana, laba babulawe yiqulu ebelidinwe ligane unwabo.

Ababulali bebesola lezi zelamani ngokugwaza zibulale elinye ibhungu ngesikhathi kuqubuka impi emcimbini wesintu wokubuya kwalabo abebeyosoka.


- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...