Umama ubelethe amawele, 'wawafaka' ethoyilethi lomgodi

2018-01-29 09:27

Polokwane – Kuhlengwe usana olusanda kuzalwa kodwa kwashona iwele lalo ngemuva kokuba unina ebelethele endlini yangasese yomgodi ngeSonto ekuseni eGa-Molepo, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

Amaphoyisa aseMankweng ayaphenya, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Mohlaka Mashiane.

Kusolw aukuthi umama ubelethe izingane, wabe eseziphons emgodini wethoyilethe.

OLUNYE UDABA: Kushone 14 kungqubuzana itekis inebhasi

“Kuthiwa owesifazane oneminyaka eko-30 ubudala ubelethe amawele endlini yangasese yomgodi. Kubizwe amamphoyisa endaweni yesigameko, atakula usana olulodwa. Olunye kuqinisekiswe khona kweyesigameko ukuthi lushonile,” kusho uMashiane.

“Unina wezingane kanye nalewo ehlengiwe bayelulama esihedlela.”

Uphenyo luyaqhubeka.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...