Umama ogula ngekhanda usolwa ngokunklinya wase efaka usana ethoyilethi

2016-04-07 14:34

Durban – Amaphoyisa aqhuba uphenyo ngezinsolo ezithi umama ogula ngekhanda unklinye usana lwakhe obelunesonto luzelwe wase elufaka ethoyilethi lomgodi, eLukholo, ngaseMbizana, e-Eastern Cape.

Owamaphoyisa aseMzamba, uLieutenant-Colonel Devan John, uthe omakhelwane babone singasekho isisu salo wesifazane njengoba ebekhulelwe, base becabanga ukuthi ubelethile.

UJohn uqhuba ngokuthi kodwa bathi abakaze bayibone ingane yakhe, kuthi uma ehlonywa ngemibuzo akhulume into engazwakali, kusho umbiko weSouth Coast Herald.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele ozitike ngomakhelwane, 45, ngocansi ethoyilethi

“Baqale ukusola ngesikhathi bezwa iphunga elingajwayelekile liphuma kuleli thoyilethi. Kwabe sekubizwa amaphoyisa, lo wesifazane waholela amaphoyisa lapho kutholakale khona ingane,” kusho uJohn.

Kuthiwa ube esevuma ukuthi uzibelethele ekwakhe wase enklinya usana ngaphambi kokuluphonsa ethoyilethi.

Lo wesifazane kumanje usesibhedlela uhlolwa ingqondo.

Kuvulwe icala lokufihla ukubeletha.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...