Umama kaStompie uthi uMadikizela-Mandela akayibulalanga indodana yakhe

2018-04-11 11:00

Johannesburg - Umama kaStompie Seipei uvakashele indlu yengqalabutho yomzabalazo uWinnie Madikizela-Mandela ukuyohlonipha uMama weSizwe.

UStompie watholakala eshonile ngasemzini kaMadikizela-Mandela ngo-1989. Iningi lalisola yena ngokushona kwalo mfana owayeneminyaka engu-14 ubudala.

Ekhuluma nabezindaba ngaphandle komuzi kaMadikizela-Mandela eSoweto ngoLwesibili, uJoyce Seipei uthe kuyamjabulisa ukuhlangana nomndeni kamufi, ikakhulukazi izingane zakhe uZindzi noZenani.

Uphinde wangena endlini wayobhala amazwi enduduzo encwadini ebekelwe lokho.

OLUNYE UDABA: 'Indlela akhule ngayo uWinnie iyona eyamenza wangaba uvuma zonke'

Ngesikhathi ebuzwa ngokufa kwendodana yakhe, uSeipei uthe abantu baseNingizimu Afrika akumele basabalalise amahlebezi ngezinto ezingenzekanga.

Uthe abantu bakuleli abahlukane nokulalela amahlebezi, bawenze izindaba ezingenzekanga.

UMama kaStompie kulindeleke athamele nenkonzo yomngcwabo kaMadikizela-Mandela ngoMgqibelo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...