Umalusi ugculisekile ngamalungiselelo ezivivinyo zikamatikuletsheni

2017-10-12 16:02

Johannesburg - Inhlangano eqapha ukuhlolwa kwabafundi bakamatikuletsheni, Umalusi ithi igculisekile ngamalungiselelo ezivivinyo zikamatikuletsheni.

Le nhlangano, ibambe umhlangano ngamalungiselelo ezivivinyo zikamatikuletsheni okulindeleke ukuba ziqale ukubhalwa ngenyanga ezayo.

Ithi bangu-800 000 abafundi abazobhala izivivinyo kulo nyaka.

OLUNYE UDABA:Umalusi wamukele imiphumela yezivivinyo zikamatikuletsheni

Umalusi uqinisekise ukuthi amalungiselelo okubhalwa kwezivivinyo zikamatikuletsheni aseqalile futhi wanelisekile ngezinga lokulungela ukubhalwa kwazo.

Yize kunjalo, isikhulu esiphezulu uMafu Rakometsi, sithe kutholakale okumbalwa okungalungile ngesikhathi kuhlolwa.

Uthe lokho nokho ngeke kudale izinkinga ekuqhubekeni kwezinhlelo.

UMafu uthe iziphakamiso kulezi zinkinga sezidluliselwe kuMnyango wezeMfundo kanti kulindeleke ukuba kubuye umbiko ngaphambi kokuba kuqale ukubhalwa kwezivivinyo.

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...