UMalema uzovakasha eKZN ngaphambi komgubho weqembu esifundazweni

2017-07-25 09:31

Durban – Umholi we-EFF, uJulius Malema, uzovakalashela e-University of KwaZulu-Natal ngoLwesibili, njengengxenye yokulungiselela umgubho waleli qembu wokuhlanganisa iminyaka emine lasungulwa.

Lo mcimbi uzoba senkundleni yezemidlalo, iCurries Fountain Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA:BUKA: Ukucwila ezikweletini kukaMngxitama kwamenza walawulwa – Malema

Ngaphambilini uMalema watshela iNews24 ukuthi leli qembu lifuna ukusingatha umcimbi walo KwaZulu-Natal ngoba lifuna ukuqeda nya ngokukhonya kwe-ANC kulesi sifundazwe.

I-EFF yethulwa ngomhlaka-28 Julayi 2013 ngesikhathi uMalema ememezela ukuthi leli qembu linamalungu angaphezu kwangu-1000 abhalisiwe, nokuyisibalo esasiphindeke kabili kwesika-500 odingakalayo ukuze ukwazi ukubhalisa ne-Electoral Commission of SA (IEC). 

Okhethweni lukazwelonke lwangonyaka ka-2014 leli qembu lathola amavoti angu-1.16 million, nokwenza laba yiqembu lesithathu ngobukhulu ezweni.

Okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-Agasti 2016, leli qembu lathola amavoti angu-2.44 million.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...