UMalema uthi ushone esezojoyina i-EFF uMagaqa we-ANC

2017-09-07 09:31

Pretoria – Ngaphambi kokuba lowo owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League (ANCYL) uSindiso Magaqa adutshulwe, umholi we-EFF uJulius Malema wayemthembise isikhundla kwi-EFF.

UMalema, ekhuluma ngemuva komcimbi wokuthweswa kweziqu e-University of South Africa ePitoli, uthe wabamba imihlangano eminingi noMagaqa mayelana neqhaza angalibamba emzabalazweni wenkululeko kwezomnotho.

"Ngaphambi kokuba adutshulwe sabamba imihlangano eminingi sidingida ukuthi ngabe uyafuna yini ukulwela inkululeko yezomnotho nangeqhaza angalibamba ekufezekiseni lokhu,” kusho uMalema.

UMagaqa, 35, ushonele esibhedlela saseThekwini ngoMsombuluko kulandela isigameko sokudutshulwa ngoJulayi 13.

Wayeyikhansela lendawo eMzimkhulu ngesikhathi sesigameko.

OLUNYE UDABA: Balusizi abangani basomatekisi obulewe

"Ngamtshela izikhawu eziningi ukuba akashiye i-ANC azoba ngumgqungquzeli we-EFF ngoba ngangikuqonda ukuthi uyathanda ukusebenzisana nabantu emazingeni aphansi.

"Wavumelana nami, wabe esethi, 'Ngivumele ngihambe ngiyokhuluma nomkami kanye nomama, sesiqedile ngalolu daba, ngiyeza’. Bengisamlindile kanti kuzokwenzeka lokhu.

"Ngabe ngayisindisa impilo yakhe, kwakungumsebenzi wami ukusindisa impilo yakhe.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...