UMalema uthi ingampunge eyokuthi uZuma wayemelene nokuketulwa kukaMbeki

2018-02-14 18:01

Johannesburg - Umholi we-EFF uJulius Malema usezwakalise ukuthi ukhuluma amampunge uMengameli Jacob Zuma njengoba ethi wayengomunye wababengahambisani nokuketulwa kukaThabo Mbeki.

Ngesikhathi enengxoxo bukhoma nentatheli yakwa-SABC uMzwandile Mbeje ngoLwesithathu, uZuma uthe wazama ukulwisana nokukhishwa esikhundleni kukaMbeki, ngoba ekhala ngokuthi lo mnyakazo uzoba "ngumkhokha omubi".

"Ngangingomunye walabo ababethi asingamketuli uMbeki ngoba lokho kuzodala umkhokha omubi...ngathi kumele sixoxisane naye bese sifinyelela esivumelwaneni sokuthi angasebenza kanjani ngaphandle kokunyathela abanye amakhona," kusho uZuma.

"Kepha-ke ngaqunjwa phansi yiningi futhi lokho ngangikuqonda."

OLUNYE UDABA: UMengameli Zuma uthi akaqondi ukuthi kujahwephi kangaka

UMalema owayengumlandeli wokuqina kaZuma ngesikhathi kuketulwa uMbeki, uyiphikisile inkulumo kaZuma.

"Ukhuluma umbhedo, u-CR [Cyril Ramaphosa] nguye owayephikisa ukufakwa amasondo kukaMbeki. UZuma wangitshela ukuthi kumele sikhiphe uMbeki ngoba ngeke akwazi ukusebenza naye," kubhala uMalema kuTwitter.

"Akaze angahambisani nakho, nguye owayehamba phambili kulowo mkhankaso waze wasihlanganisa nathi ukuthi seseke ukuqunjwa phansi kukaMbeki. U-CR wayengahambisani nakho kanti u[Gwede Mantashe] wathi kumele okungenani kubanjwe ukhetho ngaphambi kwesikhathi."

UMalema wayengumengameli we-ANC Youth League ngo-2008 ngesikhathi uMbeki ekhonjwa indlela wuKhongolose.

TWITTER:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...