UMalema uthi abantu 'bazoluthokozela ucansi' uma kungawina i-EFF

2016-07-11 10:03

Johannesburg - Amaqembu ezombusazwe aqhubekile nokukhankasela ukhetho e-Eastern Cape ngempelasonto.

I-ANC, DA ne-Cope bakhankase emalokishini ehlukene kulesi sifundazwe, kodwa umholi we-EFF uJulius Malema odonse amehlo.

UMalema utshele izakhamuzi zaselokishini laseNgangelizwe ukuthi iqembu lakhe ngeke ligcine ngokwakhela abantu izindlu zomxhaso ezinamakamero amathathu  ukuze benze kahle ucansi ngasese.

Funda nalolu daba: Kuboshwe ababili abatholakale nekhanda lowesifazane

Kodwa uthe lizophinde libafakele nosofa amantofontofo ukuqinisekisa ukuthi izakhamuzi zenza ucansi olumnandi noma ngabe zikulipi igumbi ezindlini zabo.

Lokhu kungaphezulu kwesethembiso se-WiFi yamahhala kubona bonke abantu, amanzi kanye nemisebenzi.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 16-31°C Showers late. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Warm. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...