UMalema uthi azojeziswa amakhansela e-EFF asize i-ANC kumasipala

2017-07-21 11:01

Johannesburg – Amalungu omkhandlu e-EFF asize i-ANC ukuze iphasise isabelomali kuMasipala waseMogale City, azobhekana nokuqondiswa izigwegwe, umholi waleli qembu, uJulius Malema, usho kanjalo ngoLwesine.

“Sizobajezisa ngokuhambela umhlangano esathi akufanele bawuhambele,” utshele iNews24 engxoxweni.

Ngesonto eledlule, okungenani ayisikhombisa amakhansela e-EFF ahambela umhlangano womkhandlu kumasipala omncane waseWest Rand ase avota ne-ANC ukuze kuphasiswe isabelomali esasibekwe yiMeya entsha, eyikhansela le-ANC, uPatrick Lipudi.

OLUNYE UDABA: I-DA ifuna kusule ‘isicashalala samaGupta’ uGigaba

Ukuvotela i-ANC kusho ukuvotela inkohlakalo, kusho uMalema.

“Asikwazi ukuhlala nabantu lapha bese sicabanga ukuthi sisesivumelwaneni, bese kuthi ngokuhamba kwesikhathi sizobona ukuthi asihambisani ngokwemibono. Lokho kuwukufaka iqembu ehlazweni.”

Uthe alikho ikhansela kulawa angahambisananga nemiyalelo ye-EFF elaphumela obala liphikisana nalo myalelo awunikwa.

UMalema uthi inkinga ayikho mayelana nokuvota ngonembeza, kodwa ukungaziphathi kahle kwabo.

“Ngemuva kwesigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe bazobona ukuthi akufuneki ukuthi kukhulunywe enye into bese wena wenza into ebheke eceleni,” usho kanje.

UMalema uthi bebenethemba lokuthi lesi sabelomali besingeke siphasiswe, nobekuzoholela ekutheni kubanjwe kabusha ukhetho kulo masipala.

Kodwa-ke uthi isenzo samakhansela e-EFF sisho ukuthi lokhu sekuzofanele kulinde kuze kube ngunyaka ka-2018. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...