UMalema uthi abafundi bangahlali emakhaya ngenxa yokuswela imali yokufunda ngo-2018

2017-12-31 12:03

Johannesburg - Umholi we-EFF uJulius Malema ucele bonke abafundi ebebenza umatikuletsheni ukuba baqhubeke nokufunda, baye ezikhungweni zemfundo ephakeme abazithandayo ngo-2018.

Lokhu kungemuva kokuba uMengameli Jacob Zuma ngasekuqaleni kukaDisemba ememezele ukuthi sebezofunda mahhala abafundi amahluphekayo.

Esitatimendeni esifakwe enkundleni yezokuxhumana, uMalema uthe sebengabhalisa nalabo bafundi abaphumelela umatikuletsheni kudala kodwa bangakwazi ukuqhubeka nokufunda ngenxa yezimali.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele ubaba obulale indodakazi

UMalema uthi inhlangano yakhe izobe ikhona emasangweni ezikhungo zokufunda ukuqinisekisa ukuthi labo abangenayo imali bayasizakala.

UMalema uthi bazoqinisekisa ukuthi abafundi abafanelwe ukuqhubeka nokufunda bayathathwa emanyuvesi nasema-FET.

Uthe ngisho nalabo abakhetha ukuyosebenza ngoba bengenayo imali yokufunda kumele baye ezikhungweni zemfundo ephakeme abazithandayo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...