UMalema usebonene noNgqongqoshe wamaPhoyisa kulandela 'izinsongo zokubulawa'

2018-04-18 19:33

Johannesburg - Amaphoyisa asekuqinisekisile ukuthi umholi we-Economic Freedom Fightrs (EFF) uJulius Malema ubenomhlangano noNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele mayelana nezinsolo zokusocongwa.

Ihhovisi likaNgqongqoshe lithi udaba selusezandleni zeKhomishana yamaPhoyisa kuzwelonke ukuze kuzophenywa.

I-EFF ithi kuneqeqebana labantu baseNorth West elihlanganise izinkabi zase-Eastern Cape ukuze zizobulala uMalema.

OLUNYE UDABA:Usongelwe ngokufa ochamele ifulegi lezwe

Akusikho okokuqala impilo kaMalema iba sengcupheni. Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2010, uMalema owayesanguMengameli we-ANC Youth League ngaleso sikhathi, kwakunezinsolo zokuthi kunomlimi waseDelams owayezimisele ngokukhipha imali engu-R2 million yokuba abulawe.

ISekela likaMengameli we-EFF, uFloyd Shivambu, uthe abazithathi kalula lezi zinsolo.

Iqembu likhiphe isitatimende laqinisekisa ukuthi lizoqinisa ezokuphepha kwabaholi kulandela ukuvela kwale mibiko.

Esitatimendeni esikhishwe yiqembu, lithi lokhu kuza nje sekusele kancane liqumbe phansi i-ANC eNorth West kanti lezi zinsongo akumele zithathwe kancane.

Oyibamba lomkhulumeli waleli qembu kuzwelonke, uTebogo Mokwele, uthe: “Ngeke sikwazi ukudalula ukuthi ezokuphepha zethu zisebenza kanjani, kepha esizokwenza thina wukuthi siziqinise.

"Lokhu ngeke kwenziwe kuphela kuMalema, kepha kuzokwenziwa ebuholini bonke beqembu. Umnyango wezokuphepha umatasa namalungiselelo."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...