UMalema uphisana ngamathikithi omdlalo weBafana

2017-11-09 18:01

Johannesburg - Umholi we-EFF uJulius Malema usekhombise ukweseka kwakhe iBafana Bafana ngenye indlela njengoba esethembise abalandeli amathikithi amahhala.

IBafana Baana izobhekana neSenegal ePeter Mokaba Sadium ePolokwane ngoLwesihlanu ebusuku emdlalweni obalulekile wokuhlungela eyeNdebe yoMhlaba ka-2018.

UMalema ubhale ku-Twitter ngoLwesine ukuthi unikezela ngamathikithi amahhala alo mdlalo.

OLUNYE UDABA: Ukhala ngokushaywa ejele owaboshelwa izinsolo zokushaya

Lo mdlalo nakanjani iBafana kumele iwunqobe ukuze ikwazi ukuzibeka ethubeni lokuya kweyeNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.

Isonto lonke uMalema ubelokhu eveza ukweseka kwakhe iBafana, enxusa nabantu baseNingizimu Afrika ukuba beseke iqembu lesizwe.

 -SowetanLive

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...