UMalema uphika eyokushaya emngcwabeni kaMadikizela-Mandela

2018-04-16 12:30

Johannesburg - Umholi we-EFF uJulius Malema ngeSonto uziphikile izinsolo ezithi uyathinteka esigamekweni sokushaya esenzeke eFourways Memorial Park, lapho bekuyofihlwa khona uWinnie Madikizela-Mandela.

"Angizose ngayenza leyonto,” kusho uMalema etshela iNews24 ngesikhathi ebuzwa ngezinsolo ezithi uhilizisane nephoyisa ngesikhathi limnqabela ukuba angene emathuneni ngoMgqibelo.

"Angikaze ngidudule muntu; nginabo onogada…Imoto yethu ibinabo ubufakazi bemvume yokungena ngaphakathi kanjalo nami benginayo.”

NgeSonto, iSowetanLive ibike ukuthi uMalema, uMbuyiseni Ndlozi noFloyd Shivambu, baqale bangavunyelwa ukuba bangene ngaphakathi.

OLUNYE UDABA: UMugabe wayehlukunyezwa ngumkakhe - Umbiko

Ngokusho kwale-website yezindaba, uMalema utshele isosha ukuthi "akekho umlungu ongangivimba”, ngesikhathi engatshelwa ukuba angene ngaphakathi emathuneni.

Eminye imibiko ithi uMamela lokhu ukusho ephoyiseni.

Izithombe zeSowetanLive ziveza uMalema ekhomba ngomunwe esinye seziphathimandla.

NgeSonto, okhulumela amaphoyisa uBrigadier Mathapelo Peters ukuqinisekisile kwiNews24 ukuthi kuvulwe icala lokushaya esiteshini samaphoyisa eDouglasdale.

Kodwa akenabanga ngemininingwane.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...