UMalema ukhuthaza ukwesekwa komfundi oboshelwe #FeesMustFall

2017-01-05 19:31

Umholi we-EFF unxuse bonke abathi beseka umkhankaso we-#FeesMustFall ukuba beseke umfundi okunguyena yena osagcinwe ezitokisini.

UJulius Malema useveze ukuthi bonke abanesasasa ngalolu daba kumele bahlanganyele nenhlangano yakhe ngomhlaka 8 kuJanuwari bezokweseka lo mfundi ngokuhlanganyela ejele iWestville ngo-11 ekuseni ukuzokweseka lomfundi.

OLUNYE UDABA:Uzithwele umfundi 'owadlwengulwa' wusicabha eMlazi

UBonginkosi “Education” Khanyiwe ungumfundi ozimisele ngezifundo zakhe njengoba kuthiwa uhlezi ethola amamaki angale kuka-80%

Lo mfundi usagqunywe ezitokisini njengoba anqatshelwa ibheyili ngokubamba kwakhe iqhaza kuele mikhankaso, kubika iCitizen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...