UMalema ucele ukuba nomhlangano ne-ANC

2018-04-22 11:38

Johannesburg - I-ANC ne-EFF bazobamba izingxoxo zokusebenzisana ngemuva kwesicelo sikaJulius Malema.

Engxoxweni abenayo nephephandaba iSunday Times, umholi we-EFF uthe ubhalele i-ANC incwadi ecela ukuba badingide ngezinto eziningi, okubalwa kuzona nokuqanjwa kabusha kwe-Cape Town International Airport.

Iphephandaba ngeledlule libike ukuthi sezike zabakhona izingxoxo ezingatheni ukubheka ukuthi bangasebenzisana yini kwazise akusekho ukungezwani njengaphambilini.

UMalema uthe nakuba bengakaze bakhulume ngokubuyela kwakhe kwi-ANC noma ukuhlangana neqembu elibusayo, ucele ukuba bakhulume ngokusebenzisana.

OLUNYE UDABA: UKlebe benza uphenyo ngoZuma kanye noMahumapelo - Umbiko

UMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethula inkulumo emngcwabeni kaWinnie Madikizela-Mandela wezwakalisa ukuthi uzivulile izandla.

Kwakuyisifiso sikaMadikizela-Mandela ukuba uMalema abuyele kwi-ANC noma i-EFF isebenzisane ne-ANC.

UMalema uthe imibandela eminingi abayibekela i-ANC ngesikhathi bexoxisana nayo ngemuva kokhetho lokuhulumeni basekhaya ngo-2016 isayigcinile. Kodwa ube esekhala kakhulu ngenkohlakalo.

“Inkohlakalo yilona daba olukhulu olusenza sixabane ne-ANC,” esho.

Okhulumela i-ANC uPule Mabe ukuqinisekisile ukuthi i-EFF icele ukubamba umhlangano ne-ANC, wathi ihhovisi likanobhala jikelele lisahlela usuku.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...