Umakoti ubulewe ngosuku olwandulela elomshado wakhe

2017-08-23 18:00

Edendale- UNompumelelo Ngubane, 38, wasatshiswa emasontweni ambalwa adlule ngokuthi akamise umshado noma uzofa.

NgoLwesihlanu nokwakungusuku olwandulela usuku lwakhe lomshado, isidumbu sakhe satholakala emotweni yakhe endaweni yakwaPata ngasePietermaritzburg.

Umndeni wakubo ukholwa wukuthi waklinywa wabulawa.

Lo mama onezingane ezimbili ungowase-Edendale, kuthiwa wahamba ngoLwesihlanu eyolanda ingubo yomshado bese enza izinwele zakhe.

UNgubane osebenza njengomhlengikazi esibhedlela sase-Edendale bekumele ashade ngempelasonto eGolden Horse Casino.

OLUNYE UDABA:Umndeni ukhuze umhlola umakoti efuna ukusakaza uskwiza ngenhlamvu

Umama kamufi uNtombifikile ubikele abephephandaba iThe Witness ukuthi ugcine ukukhuluma nendodakazi yakhe ekuseni ngoLwesihlanu ngo-8:30.

"Uphume lapha ekhaya ekuseni eyokwenza ikhanda bese elanda ingubo yakhe yomshado edolobheni. Wangitshela ukuthi ngeke ahlale isikhathi eside," kusho umama kamufi.

Ngesikhathi kushaya u-5 ntambama engabuyi, umndeni wakubo uqale ukukhathazeka. "Sizamile ukumcayela ucingo kodwa umakhalekhukhwini wakhe ubuvaliwe. Omunye wabafowabo uthe ugcine ukukhuluma naye emini ngohlelo lwe-WhatsApp.

Umama wakhe uthi bezwe ebusuku ukuthi akafikanga esitolo sengubo yomshado njengoba bekuhleliwe. Isidumbu sakhe sitholakale ebusuku ngoLwesihlanu esihlalweni esiseceleni emotweni yakhe.

UMndeni wakubo uthi bekunebhande entanyeni yakhe futhi ubuso bakhe bebuvalwe ngesikhafu.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...