Umakhwapheni uzilengisile ngemuva kokubulala intombi ebimala

2018-03-22 12:31

eThekwini - Kuzwakale ngephunga elibi kutholakala izidumbu zezithandani endaweni yaseDenge KwaNongoma ngoLwesihlanu emini ngemuva kokuba kuphele isonto lonke zinyamalele.

Kubikwa ukuthi uCebisile Nzuza, 30, ugwazwe wabulawa yisoka lakhe abelingumakhwapheni, uMbuso Dlamini, maqede lazikhunga ngentambo.

Kuthiwa uNzuza ubesemala uDlamini ngoba ubenesoka elaziwayo kubo yize lingakaloboli, kodwa uDlamini ubengayizwa le yokwaliwa efuna ukuba wungqo ngenkani.

Kuthiwa uNzuza ugcine ukubonakala kubo ngoLwesithathu olwedlule ehamba noDlamini okuthiwa wamthatha ngenkani wahamba naye.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa uthisha wanikeza umfundi u-R300 wokukhipha isisu

Kuthiwa laba bagcina ukubonakala beyongena endlini kaDlamini ngoLwesithathu mhlaka-7 kwephezulu kanti batholakale sebeyizidumbu ngoLwesihlanu ngomhlaka-16.

UThabisile Nzuza ongudadewabo kamufi utshele abeLANGA ukuthi udadewabo wathathwa nguDlamini kubo ngenkani.

Uthe uDlamini ubengafuni ukwaliwa, ephoqa udadewabo ukuba baqhubeke bathandane ngenkani.

"Ngithole ukuthi uqale wamshaya udadewathu ngaphambi kokuba amgwaze amanxeba amaningi. Ngaphambi kokuba ambulale, udadewethu wafonela ekhaya ethi ufuna amaphilisi ezinhlungu ngoba umzimba wakhe utubekile akakwazi ngisho nokuvuka embhedeni.

"Sagcina ngalelo langa ukukhuluma naye, njengoba ucingo wayengenalo lwaphahlazwa wuyena uDlamini," kusho uNzuza.

Okhulumela amaphoyisa uLt Col Thembeka Mbhele usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa ayaphenya ngokushona kwalaba.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C a few tstorms. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...