UMakhosi Khoza uzohola umbutho ozongenela ukhetho luka-2019

2017-11-21 14:01

Cape Town - Lowo owayeyulungu le-African National Congress ePhalamende uDkt Makhosi Khoza uthi wenza amalungiselelo okuhola amaqembu ezombusazwe azokwakha umbimbi bese engenela ukhetho lukazwelonke ngo-2019.

UKhoza utshele iNews24 ukuthi, kula masonto ambalwa ezayo, uzomemezela ukusebenzisana kwamaqembu ezepolitiki akhona kanjalo nababengamalungu e-ANC, i-EFF ne-DA.

UKhoza ubesathe khumu emehlweni omphakathi kusukela ngoSepthemba, ngemuva kokuvalelisa kulokhu akubiza "nge-ANC ekhohlakele neziphilela emhlabeni wayo yodwa".

Uthi umndeni wakhe uthola izinsongo zokufa kusukela ngo-Ephreli lapho akhuluma khona esidlangalaleni wathi uMengameli Jacob Zuma kumele ehle esikhundleni.

OLUNYE UDABA: I-ANC ngeke isakwazi ukungibeka amacala - Makhosi Khoza

UKhoza kula masonto ambalwa edlule uke wazwakalisa ukuthi kunabantu abehlukene abameshelayo ekutheni ahole "umbutho wezombusazwe" omusha.

"Angisunguli iqembu elisha. Sihlanganisa amaqembu ezombusazwe akhona vele ake angenela ukhetho esigabeni sohulumeni basekhaya," esho etshela iNews24.

"Sifuna ukwakha into entsha. Kukhona nababengamalungu e-DA, ANC ne-EFF, sihlanganisa wonke umuntu - ngakho-ke akulona iqembu elisha."

Kwabamesekayo kubalwa iForum 4 Service Delivery, enamakhansela angu-26 komasipala baseNorth West, kanye ne-United Front of Civics.

Thola udaba oluphelele lapha.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...