UMakhosi Khoza usinqabile isiphakamiso sePhalamende sokumvikela

2017-07-26 19:29

Cape Town – ILungu le-African National Congress ePhalamende, uMakhosi Khoza, usinqabile isiphakamiso sokuvikelwa yiPhalamende, wathi ngeke alindele “ababetheli” bakhe babe nozwelo kuye.

"Ngibethelwa ngoba nakhu angisahambi emgqeni. Angeke ngikwazi ukwamukela inkohlakalo, ukweba, ukungahlonishwa kwabantu abasibeka emandleni kanye nomkhuba okhulayo wokuthi siphathwe ngamasela,” kusho uKhoza esitatimendeni.

UKhoza ubelokhu ethola ukusatshiswa ngokufa cishe izinyanga ezintathu manje kulandela ukuthi ephumele obala wagxeka i-ANC kanye noMengamei wayo, uJacob Zuma.

OLUNYE UDABA: UMakhosi Khoza akazibambi izingcingo zethu - ANC

"Izitatimende zami kula maviki ambalwa edlule ziyisibuko salokhu obekushiwo yizigidi zabantu eNingizimu Afrika sonke lesi sikhathi, besho bethi sekwanele. Ukuma ne-ANC yamanje kuyosho ukulahlekelwa wunembeza.”

"Yingakho nginqume ukungasamukeli isiphakamiso sePhalamende sokunginika amaphoyisa azongiqapha. Zonke lezi zinto ziyaxhumana ngandlela thize. Angeke ngikwazi ukulindela ukuthi ababetheli bami babe nomusa kimi.”

USomlomo wePhalamende uBaleka Mbete noSihlalo weNational Council of Provinces uThandi Modise ngomhlaka-17 kwephezulu bavuma ukusebenzisana namaphoyisa ukuhlinzeka uKhoza ngezokuphepha.

Kwenzeka lokhu nje, i-ANC KwaZulu-Natal ngoLwesithathu isiveze ukuthi uKhoza ubekwe amacala okungaziphathi kahle kanti uzoqondiswa izigwegwe ngoSepthemba.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...