UMakhosi Khoza akazibambi izingcingo zethu - ANC

2017-07-26 16:00

Johannesburg – I-African National Congress isivikele igatsha layo eliKwaZulu-Natal ngesinqumo salo sokubeka amacala okungaziphathi kahle lowo oyiLungu le-ANC ePhalamende, uMakhosi Khoza.

IHuffPost ibike ngoLwesithathu ukuthi uKhoza usebekwe ngokusemthethweni amacala amabili okungaziphathi kahle kanti kulindeleke ukuba avele ngaphambi kwekhomishana lokuqondiswa kwezigwegwe ngoSepthemba.

Okhulumela i-ANC, uZizi Kodwa, ekhuluma eseLuthuli House uthe ukwenza kukaKhoza kucace bha ukuthi wedelela inhlangano.

UKhoza wabhalela uSomlomo wePhalamende uBaleka Mbete, emcela ukuba kuvotwe ngasese ngomhlaka-8 Agasti uma sekuvotelwa ukungamethembi uMengameli Jacob Zuma.

I-ANC ePhalamende yaveza ukuthi izothobela noma ngabe yisiphi isinqumo esithathwa nguMbete mayelana nalolu daba.

OLUNYE UDABA: I-ANC eKZN isibeke ngokusemthethweni amacala uMakhosi Khoza

UKhoza uphinde wajoyina labo abathi uZuma kumele ashenxe esikhundleni.

UKodwa uthe uKhoza akabekwa icala ngoba nakhu ephakamise ukuthi uMengameli Zuma kumele akhishwe esikhundleni, kepha usolwa ngenxa yokuziphatha kwakhe okuphambene nezimiso ze-ANC.

"Wephula isifungo asenza njengelungu lenhlangano kanye nemigomo yokuziphatha kaKhongolose, ngoba ngempela uyijoyinelani i-ANC uma ungeke uhambe ngokwezimiso zayo,” kusho uKodwa.

Ekhuluma neNews24, uKodwa uveze ukuthi sebezame kaningi ukuxhumana noKhoza ngocingo kepha uyabaziba.

Uthi usemzame kaningi yena uqobo, uNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe, uSotswebhu uJackson Mthembu kanjalo ne-ANC e-KZN.

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...