UMaimane uvakashele iSilo ukudingida udaba lomhlaba

2018-02-05 12:31

Durban - ISilo samaBandla wonke uGoodwill Zwelithini utshele umholi weDemocratic Alliance uMmusi Maimane ukuthi leli lizwe lidinga amaqembu aphikisayo angasabi ukubhekana nezimo ezihlukumeza izwe.

UNgangezwe lakhe ubekhuluma nalo mholi ngesikhathi ehambele esigodlweni sakhe kwaNongoma.

ISilo siphathe nodaba obelusematheni kula masonto edlule nokuwudaba lokuhlakazwa kweNgonyama Trust.

Lesi sikhwama yiso esongamele umhlaba ezindaweni ezahlukahlukene KwaZulu-Natal njengoba silawula umhlaba ongangamahektha angu-3 million, nokuwumhlaba weSilo.

OLUNYE UDABA:ISilo sixwayise uRamaphosa

“Sizowuvikela umhlaba wethu uma kukhona ozama ukusiphuca wona. Asifuni ukuzithola sesihlokolozwa yilabo abayiziphathimandla. Kumanje abantu bethu basebenzisa amanzi angcolile emifuleni bewabanga nezinkomo," kubeka iSilo.

UMaimane ubonge ukwamukelwa yiSilo kulesi sigodlo ngezandla ezifudumele wathi kube yisibusiso ukuba kwakhe laphaya.

UMaimane ube esepha iSilo izinkomo ezinhlanu kanye nehawu. Ukutshengisa ukubonga iSilo naso siphe uMaimane izinkomo nomqhele.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...