UMaimane uthi izakhamuzi azibakweleti lutho ngomsebenzi abawenzayo

2016-07-19 17:30

Port Elizabeth – Umholi we-DA uMmusi Maimane utshele abantu base-PE ukuthi ufuna ukubabuyisela isithunzi futhi kungukuthanda kwabo ukusebenzela izakhamuzi zakuleli.

“Kungukuzikhethela kwethu ukusebenzela abantu baseNingizimu Afrika, anisikweleti lutho,”kusho uMaimane.

OLUNYE UDABA:I-DA ithi inethemba lokuthola amavoti abeNFP eKZN

Lo mholi usho lokhu ngemuva kokuthi omunye wezakhamuzi zakule ndawo uLekelwa Jack oyilunga eliphelele le-ANC emtshele ukuthi ngeke ayivotele inhlangano yakhe ngoba umsebenzi omningi wenziwe i-DA.

UJack uhluleke nokuzibamba ngendlela abejabule ngayo ngemuva kokuthi i-DA ilungise uphahla lomuzi wakhe.

Lo mama uthi amakhansela endawo ayazi ngesimo esinzima aphila ngaphansi kwaso kodwa alikho nelilodwa elike lafika lazomsiza, kubika iPolitical Bureau

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Heavy rain. Breaks of sun late. Warm. PE: 14-19°C Passing showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...