UMaimane ucele ukuba nomhlangano noRamaphosa ngodaba lwesomiso

2018-01-29 16:00

Cape Town – Umholi weDemocratic Alliance, uMmusi Maimane ucele ukuba nomhlangano nePhini likaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ukudingida ngokumele kwenziwe njengoba kuhlasele inkinga yesomiso eWestern Cape.

Umholi weqembu elibusayo uRamaphosa ucele ukuba kube nokusebenzisana ngale nkinga ebhekene nedolobha laseKapa nezinye izindawo zaseNingizimu Afrika.

Esitatimendeni, uthe: "URamaphosa ngeledlule umemezele ukuthi ufuna ukusungula ithimba elizobhekana nale nkinga. Ngiyakuncoma okushiwo yiPhini likaMengameli, futhi ngizimisele nokusebenzisana nanoma ubani ozimisele ngokubona kugwemela i-Day Zero [usuku okuzophela ngawo amanzi alungele ukuphuzwa] – noma ngabe bakuyiphi inhlangano yepolitiki.

OLUNYE UDABA: Inyunyana izohlangana nabaphathi benyuvesi ngolwamaholo abasebenzi

"Ngifuna ukubona ukusebenzisana kwabantu abehlukene ukuze sizogwema i-Day Zero ndawonye. Ngakho kubalulekile ukuba uNgqongqoshe weziMali, uMalusi Gigaba, nowezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uNomvula Mokonyane, babeyingxenye yomhlangano.”

UMaimane ufuna kukhulunywe nangengqalasizinda yamanzi ezweni lonke njengoba le nkinga kungeyona eyaseKapa kuphela.

Uphethe ngelokuthi uhulumeni we-DA uzokwenza konke okusemandleni ukubhekana nale nkinga.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...