UMadonsela weluleke uZuma ngokuthi angazami ukuphikisa isinqumo senkantolo

2017-12-13 18:00

Johannesburg – Lowo owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela weluleke uMengameli Jacob Zuma ngokuthi angazami ukuphikisa isinqumo seNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng.

"Unelungelo lokudlulisa isinqumo ngalolu daba uma ecabanga ukuthi isinqumo siphambene nomthetho futhi wephucwe ilungelo lakhe.

“Kodwa uma ekwenza lokho kumele acabange ukuthi kusho ukuthini ezweni ukuhlala nalezi zinsolo ze-state capture, neKhabhinethi alingawenzi umsebenzi walo, uhulumeni ongawenzi umsebenzi kanjano ne-ANC,” kusho uThuli Madonsela.

OLUNYE UDABA: Inkantolo imchithile uZuma

"Ngaphezu kwakho konke, ukuhamba kosuku kusho ukulahleka kobufakazi. Kuzothi sekwenziwa uphenyo ubufakazi obuningi kuzobe bungasekho uma,” esho. UMadonsela uphinde wacela izikhulu zikahulumeni ukuba zihloniphe isinqumo senkantolo.

UJaji Dunstan Mlambo ngoLwesithathu unqume ukuthi uZuma kuzomele aphinde akhokhele izindleko zecala ngokwehluleka kwakhe emizameni yokuvimbela umbiko we-State of Capture.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...