Umabokoboko u-Oscar Pistorius utinyelwe ngesibhaxu ejele - umbiko

2017-12-12 09:31

eGoli - U-Oscar Pistorius uzithoba amanxeba nobuhlungu bezimbambo kanye nasemhlani.

Kuthiwa lo msubathi ucasule ezinye iziboshwa ejele lase-Atteridgeville Correctional Centre ngokuhlala ocingweni isikhathi eside.

Lokhu kucasule kabi lezi ziboshwa zavulela ngesibhaxu zamshaya waba mabokobokouye. Kuthiwa lo msubathi uhlala ocingweni nje usuke ekhuluma nommeli wakhe.

OLUNYE UDABA: Inkantolo yelule isigwebo sika-Oscar Pistorius ngecala lokubulala

Kuthiwa uPistorius usehlala kakhulu ocingweni selokhu inkantolo iSupreme Court of Appeal eseBloemfontein yelule isigwebo sakhe saba yiminyaka engu-13 sisuka eminyakeni engu-6.

Okhulumela uMnyango wokuqondiswa kwezigwegwe u-Ofentse Morwane uthe: “U-Oscar Pistorius ulimale kancane ngemuva kwesehlakalo esenzeke ngesonto eledlule. Uphenyo lwangaphakathi yilona oluzoveza ukuthi kwenzakaleni futhi yilona oluzosihola ngezinyathelo okumele sizithathe ngoba izigameko ezifana nalezi azivumelekile."


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...