Umabokoboko obezama ukubuyisela umakhalekhukhwini awucoshe ejoyintini

2017-01-03 19:31

Mabopane - UWalter Masuku, 37, waseWinterveld, ngaseMabopane wacosha umakhalekhukhwini ethaveni wase elinda umnikazi ukuba abuye azoyifuna.

Kwaphela izinsuku ezimbili kungokho umuntu ofikayo ezofuna umakhalekhukhwini nokuyilapho anquma khona ukuwusebenzisa.

Kwathi kusenjalo, waqhamuka umnikazi ezowufuna, kubika iDaily Sun.

Njengendoda elungile, uWalter wawubuyisela umakhalekhukhwini kumnikazi ethi wenza okulungile.

"Ngaqala lapho okugezwa khona izimoto ngiyogeza imoto yami nokuyilapho engahlangana khona nowesilisa ethi ufuna umakhalekhukhwini wakhe.

OLUNYE UDABA:Kudlwengulwe owesifazane ekwakhe e-E Cape

Ngamtshela ukuthi usele endlini futhi singawulanda uma sengiqedile ukugeza imoto," kusho yena.

UWalter uthi bafika endlini wamnika umakhalekhukhwini kodwa lo mlisa wathi ufuna isim-card yakhe kodwa wamtshela ukuthi akasayazi wayibekaphi.

"Waqala lapho ukunguthuka engibiza ngamagama, ngazama ukumtshela ukuthi ngizolithenga ikhadi lakhe wavele wangishaya, engikhahlela."

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...