Uma uRamaphosa esenqobile, kumele aphindisele uZuma eNkandla - Gordhan

2017-10-12 18:01

Cape Town - Uma lowo oyiSekela likaMengameli uCyril Ramaphosa esenqoba enkomfeni yokuqokwa kobuholi be-African National Congress ngoDisemba, kumele aphindisele uMengameli Jacob Zuma eNkandla, kusho lowo owayenguNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan, ngoLwesine.

UGordhan ubekhuluma engqungqutheleni eKapa wathi ngokwakhe angathanda ukuthi umengameli wakuleli olandelayo kube nguRamaphosa.

Yize ihlandla likaZuma lokuba ngumengameli we-ANC liphelelwa yisikhathi ngoDisemba, elokuhola izwe liphela ngo-2019 lapho kuzobe sekubanjwa khona ukhetho lukazwelonke.

Nokho, uGordhan ufuna uZuma ashenxe kwesokuhola izwe ungakapheli uJanuwari.

OLUNYE UDABA: Zingumbhedo izizathu angixoshele zona uZuma - Gordhan

"URamaphosa kumele athathe izintambo ngoDisemba kuthi ngoJanuwari aphindisele uZuma eNkandla, amyalele ukuba ayophumula," esho.

"Ushintsho kumele luqale ngokushesha."

Ebuzwa ukuthi ngabe uhlangothi lukaZuma lungase luzame ukubambezela inkomfa uma izinkomba zitshengisa ukuthi lowo abafuna awine - uNkosazana Dlamini-Zuma - ungase akhale ngaphansi, uGordhan uthe: "Umthethosisekelo we-ANC ukubeka ngokusobala ukuthi le ngqungquthela kumele ibanjwe nakanjani.

"Labo abacabanga ukuthi izinto ngeke zihambe ngokwezinhlelo zabo, bazozama ukuphazamisa," esho.

UGordhan uthe sekusele izinsuku ezibalelwa ku-70 ngaphambi kwale nkomfa, wathi kusekuningi okusengenzeka.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...