'Uma uMugabe efuna ukukhuluma ngoMandela, akathole okuyiqiniso'

2017-09-15 17:59

Cape Town – INelson Mandela Foundation isigadle kuMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, ithi kumele asekele inkulumo yakhe ngokuyiqiniso uma ephawula ngoNelson Mandela.

Ngokusho kombiko we-Eye Witness News, le nhlangano ithe ukuphawula kukaMugabe egxeka leli qhawe lomzabalazo akunasisindo.

UMugabe ube sezindabeni kamuva kulandela ukugxeka igalelo likaMandela, ethi le ngqalabutho yomzabalazo engasekho emhlabeni yajabulela ukuzikhulula yona kuphela yangayinaka eyokukhulula abantu bezwe layo kwezomnotho.

UMugabe uthi yikho nje iNingizimu Afrika “isezandleni zabantu abamhlophe”.

Lo mholi, 93, usho lokhu ekhuluma ngesiShona ngesikhathi iqembu elibusayo kuleliya lizwe linombuthano eGweru.

OLUNYE UDABA: UMugabe uthi uMandela 'wadayisa' abantu abamnyama eNingizimu Afrika

"Into eyayihamba phambili kuMandela ukukhululwa kwakhe ejele, akukho okunye. Wakhathalela kakhulu inkululeko yakhe wakhohlwa ukuthi waboshelwani,” kucashunwa uMugabe embikweni weNewZimbabwe.com.

Umbiko we-eNCA ucaphune iNelson Mandela Foundation ithi: "Le nhlangano iyabagqugquzela abantu abangase babe nemibuzo mayelana namagalelo kaMadiba ekuzalweni kabusha kweNingizimu Afrika ukuthi besekele izinkulumo zabo ngemibiko eqondile neyiqiniso.

“Iminyango yethu ivuliwe kulabo abangathanda ukusivakashela badingide nathi ngempilo kaNelson Mandela.”

Iphethe ngokuthi ubuholi be-ANC babukhona ngesikhathi sezingxoxo ezakhulula iNingizimu Afrika.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...