'Uma i-ANC yehluleka ukuxosha uZuma, kusho ukuthi sekusemahlombe ethu ukumkhipha'

2017-12-15 12:33

Johannesburg - IDemocratic Alliance (DA) ithi uma i-African National Congress (ANC) nekomidi layo eliphezulu behluleka ukukhipha esikhundleni uMengameli Jacob Zuma, kusho ukuthi sekusemahlombe amaqembu aphikisayo ePhalamende ukuqinisekisa ukuthi akaliqedi ihlandla lakhe.

Ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC kulindeleke iqale ngoMgqibelo eNasrec, eSoweto.

Kodwa leli qembu eliphikisayo likholelwa ukuthi uZuma kudingeka akhishwe ngokushesha esikhundleni uma nje sekumenyezelwe umengameli omusha we-ANC.

OLUNYE UDABA: I-DA inqumele umholi ugwayi katiki

Umholi we-DA uMmusi Maimane uthi: “I-ANC ngesikhathi kumele yenze umsebenzi wayo wokukhipha uJacob Zuma ehhovisi yehluleka. I-ANC kunokuba iphikisane futhi ilwisane ne-state capture – ngoba akuyona into emayelana noJacob Zuma kuphela le –bekungekho ekwenzayo ngoba ngicabanga ukuthi nayo iyasetshenziswa.”

Ekuseni ngoLwesine, i-DA ivulele uZuma icala lokuqamba amanga kulandela isinqumo senkantolo sangoLwesithathu.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...