Ululamela ekhaya usomahlaya kulandela ingozi

2018-01-04 16:03

Johannesburg - Uselulamela ekhaya eGoli usomahlala wakuleli uTumi Morake ngemuva kokuphuma esibhedlela.

Lesi sihlabani sakumabonakude esiphinde sibe wumsakazi sabandakanyeka engozini yomgwaqo ku-R556 ngoLwesihlanu ngesikhathi sihamba nomndeni waso belibangise eSun City.

Imoto yohlobo lweJaguar F-Pace lo mndeni owawuhamba ngayo yaphela nya kulandela ukushayisana nenye.

OLUNYE UDABA:Ubandakanyeke engozini usomahlaya nomndeni wakhe

Okhulumela uTumi uMonic Steyn uthe: " UTumi usesimeni nesikahle kanti futhi ngenhlanhla akazange alimale kakhulu. Uphume esibhedlela esiseduzane naseSun City ngoMgqibelo."

USteyn uthe kule ngozi kwabandakanyeka abantu abayishumi kanti bonke abazange balimale kakhulu futhi nabo sebephumi eesibhedlela.

Le ngozi yadala izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi abanye bekhombisa ukungazwelane nalo somahlaya.

NgoSepthemba uTumi wazigwaza ngowakhe ngemuva kokuqhathanisa ubandlululo nesiqhwaga esaphuca ingane ibhayisekile layo kwathi ngemuva kwalokho wakusakaza emsakazweni iJacaranda FM.


 - Daily Sun

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...