Ulivumile icala owathi amaHindu awaphindele eNdiya kuFacebook

2017-01-27 16:01

Durban - Ulivumile icala uJohannes Dawie Kriel, owabhala amazwi anokucwasa amaHindu enkundleni yezokuxhumana iFacebook ngesikhathi sikaDiwali, kusho iNational Prosecuting Authority ngoLwesihlanu.

Okhulumela iNAP KwaZulu-Natal, uNatasha Kara uthe uKriel ulivumile icala lokuthuka inhlamba eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.

OLUNYE UDABA: Uxolisile othe ama-Hindu awaphindele eNdiya

Lolu daba luhlehlisiwe kanti isigwebo kulindeleke ukuba siphume ngomhlaka-3 Mashi.

UKriel ungaphandle ngesexwayiso, kusho uKara.

UKriel wabhala amazwi anokucwasa amaHindu ngoDiwali kuFacebook ngo-2016 wathweswa icala lokuthuka inhlamba.

UKriel wathi amaHindu awabuyele eNdiya.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...