Ulinganiselwe emalini engu-R500 million umonakalo odalwe isiphepho e-KZN

2017-10-12 07:01

Durban - Uhulumeni waKwaZulu-Natal uthi kuzothatha isikhathi ngaphambi kokuba uqede ukuhlola umonakalo odalwe yisiphepho njengoba ezinye izinkampani zomshwalense zibeka isamba somonakalo ku-R500 million.

Isibalo sabantu abashone kusukela kwisiphepho sangoLwesibili sesimi ku-14.

Kubalwa izikole ezingaphezu kwezingu-40 ezithintekile kulesi siphepho kanjalo nezikhungu zezempilo eThekwini namaphethelo.

OLUNYE UDABA:Isiphepho sesidale umonakalo ezibhedlela eziseThekwini

Kushone abantu ababili esibhedlela saseMlazi iPrince Mshiyeni Memorial ngesikhathi kuwa udonga.

UNgqongqoshe wezeMpilo uSbongiseni Dlomo uthe kucekeleke phansi namathuluzi okusebenza.

UDlomo uthe kuthinteke namagumbi angu-6 okuhlinzelwa kuwo abantu kodwa bayile khona ngoLwesithathu bathola ukuthi sekuqalile  ukukhucululwa kokungcola.

 - SABC

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...