Ulimale kanzima obebhajwe emshinini efemini

2017-03-18 08:30

Bloemfontein - Ilimale kanzima emlenzeni indoda ngemuva kokubhajwa amahora amathathu emshinini omkhulu efemini eseBloemfontain, eFree State, ngoLwesihlanu.

Le ndoda eneminyaka ebalelwa kwengu-20 ubudala ibingungwe ozakwabo emsebenzini bezama ukuyitakula emshinini ngesikhathi kufika abosizo lokuqla.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ushumpuke umlenze edonswa wumshini efemini e-KZN

"Abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko bayihlola le ndoda bathola ukuthi isesimeni esibucayi," kusho uRussel Meiring okhulumela i-ER24.

"Le ndoda kubikwa ukuthi ibibhajwe amahora amathathu emshinini.

"Abosizo lokuqala bekhiphe wonke amathuluzi okutakula bezama ukusiza le ndoda. Kuthe isikhishiwe emshinini yalashwa kusetshenziswa imishini ephambili ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela iPelonomi iyoqhubeka nokwelashwa."

 - TMG Digital

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...